Skip to Content

UZefaniya Chapter 1

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka - Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda. 2 Ngiyakuqothula nokuqothula konke , kusuke ebusweni bomhlaba , usho uJehova. 3 Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba, usho uJehova. 4 Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJud a naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema , nginqume insali kaBali kule ndawo , negama labapristi bezithixo kanye nabapristi, 5 nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu , nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu, 6 nababuyile ekumlandeleni uJehova , nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye. 7 Thula phambi kobu so beNkosi uJehova , ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo , ungcwelisile abamenyiweyo bakhe. 8 Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova , ngihambele izikhulu , namadodana enkosi, nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe. 9 Ngalolo s uku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu , begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso. 10 Ngalolo suku , usho uJehova , kuyakuba khona izwi lokukhala , livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili , nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni. 11 Hhewulani nina enakhe esiGqulweni, ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile, bonke abathweswe isiliva banqunyiwe. 12 Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani , ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo , abathi e zinhliziyweni zabo : UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi. 13 Ingcebo yabo iyakuba yimpango , nezindlu zabo incithakalo ; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo , batshale izivini , bangaliphuzi kodwa iwayini lazo. 14 Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona. 15 Lolo suku lungusuku lolaka , usuku lokuhlupheka nolosizi , usuku lwencithakalo nolokuyize , usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, 16 usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhos i ngasemizini ebiyelwey o nasemibhoshongweni yasezingosini. 17 Ngiyakucindezela abantu , bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli , nenyama yabo njengomquba. 18 Nasiliva labo nago lide labo akuyikuba namandla okubophul a ngosuku lwentukuthelo lukaJehova , kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakh e, ngokuba uyakuqeda , yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.