Skip to Content

UNumeri Chapter 26

1 Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma k uMose naku -Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi: 2 Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi. 3 OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi: 4 Yebo, bona abaneminyaka enga mashumi amabili kuya phezulu , njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa -Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe. 5 URubeni, izibulo lika -Israyeli: amadodana kaRubeni : kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu; 6 kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi ; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi. 7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. 8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe. 9 Amadodana ka -Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova; 10 umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo , lapho umlilo waqeda ama doda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso. 11 Kepha amadodana kaKora awafanga. 12 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo : kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini ; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini; 13 kwaZera: ngumndeni wakwaZera ; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule. 14 Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili. 15 Amadodana kaGadi ngemindeni yawo : kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi ; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni; 16 kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri; 17 kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli. 18 Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu. 19 Amadodana kaJuda : ngo-Eri no -Onani; o-Eri no -Onani bafela ezweni laseKhanani. 20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo : kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera. 21 Amadodana kaPheresi : kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule. 22 Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu. 23 Amadodana ka -Isakare ngemindeni yawo : kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva; 24 kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi ; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni. 25 Yileyo eyimindeni ka -Isakare ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu. 26 Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo : kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa -Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli. 27 Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu. 28 Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi. 29 Amadodana kaManase : kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri ; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi. 30 Lawa angamadodana kaGileyadi : kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa -Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki; 31 kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa -Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi; 32 kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida ; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi. 33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela , noHogila, noMilka, noTirisa. 34 Yileyo eyimindeni kaManase ; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa. 35 Lawa angamadodana ka -Efrayimi ngemindeni yawo : kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela ; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri ; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani. 36 Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu. 37 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingama shumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu . Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo. 38 Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo : kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu; 39 kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu ; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu. 40 Amadodana kaBela ayengo -Arida noNahamani ; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani. 41 Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo ; ababalwayo kubo babe yizinkulung wane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha. 42 Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo : kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo. 43 Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane. 44 Amadodana ka -Asheri ngemindeni yawo : kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya. 45 Kumadodana kaBeriya : kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere ; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli. 46 Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera. 47 Yileyo eyimindeni yamadodana ka -Asheri ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane. 48 Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo : kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni; 49 kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri ; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi. 50 Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo ; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane. 51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. 52 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 53 Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo , libe yifa labo njengokomumo wamagama. 54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu , abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye. 55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise. 56 Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwaba ningi nabayingcosana. 57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo : kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati ; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari. 58 Nansi imindeni yamaLevi : ngumndeni wakwaLibini , nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu. 59 Igama lomka -Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi , owazalelwa uLevi eGibithe ; wazalela u -Amramu o -Aroni noMose noMiriyamu udadewabo. 60 U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 61 ONadabi no -Abihu bafa , lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova. 62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu ; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 63 Yilabo ababalwa nguMose nangu -Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. 64 Kepha phakathi kwalabo kwakunge kho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. 65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi : Bayakufa nokufa ehlane . Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.