ULevitikusi Isahluko 21
1
UJehova wathi kuMose : Khuluma kubapristi , amadodana ka -Aroni, uthi kubo: Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,
2
ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye , okungukuthi unina , noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,
3
nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye.
4
Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo , ukuze azihlambalaze.
5
Abayikuzigega amakhanda abo , bangasiphuculi isilevu emaceleni , bangazigcabi emzimbeni.
6
Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo , bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo , ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova , isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.
7
Angathathi ow esifazane oyisifebe nowonakeleyo , angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.
8
Ngalokho uyakumngcwelisa , ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe , ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.
9
Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba , iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.
10
Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,
11
angangeni nakumuphi umuntu ofileyo , angazingcolisi ngoyise noma ngonina,
12
futhi angaphumi endlini engcwele , angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
13
Wothatha umfazi oseyintombi.
14
Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo , isifebe, laba akayikubathatha , kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.
15
Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe ; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.
16
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17
Yisho ku -Aroni, uthi: U muntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
18
Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela : impumputhe noma unyonga , noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene,
19
noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo,
20
noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe , noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende;
21
akungabikho muntu wenzalo ka -Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova ; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
22
Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.
23
Kuphela akayikungena kuso isihenqo , futhi angasondeli e -altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele , ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.
24
UMose wakhuluma lokho ku -Aroni, nakumadodana akhe , nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.