ULevitikusi Isahluko 10
1
ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo , babeka impepho phezulu , banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.
2
Kwaphuma umlilo nga phambi kukaJehova , wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.
3
UMose wayesethi ku -Aroni: Yikho uJehova akukhuluma , ethi: Kubo abaseduze nam i ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa. U-Aroni wathula.
4
UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka- Aroni, wathi kubo : Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.
5
Base besondela , babasusa bembethe amabhantshi abo , babakhiphela ngaphandle kwekamu, njengalokho eshilo uMose.
6
UMose wayesethi ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe : Ningathukululi izinwele zamakhanda enu , ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi , ingathukuthelelwa yonke inhlangano , kepha abafowenu , yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
7
Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.
8
UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi:
9
Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
10
Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,
11
nize nifundise abantwana bakwa -Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose. Izabelo zeminikelo zabapristi
12
UMose wakhuluma ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe -altare, ngokuba ungcwelengcwele,
13
niwudle endaweni engcwele , ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova ; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
14
Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe , ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.
15
Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo ya manoni ukuba bakuzulise , kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova , kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.
16
UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono ; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o -Eleyazare no -Itamari amadodana ka -Aroni aseleyo , wathi:
17
Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano , niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?
18
Bhekani, igazi lawo alingeniswanga phakathi endaweni engcwele ; bekufanele ngempela ukuba niwudlele endaweni engcwele , njengalokho ngayala.
19
U-Aroni wathi kuMose : Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova ; nokho ngehlelwe yilokhu mina ; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla , bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?
20
Esezwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.