UJoshuwa Chapter 1
1
Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova , uJehova w akhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:
2
UMose inceku yami ufile ; ngalokho suka uwele leli Jordani , wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.
3
Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose.
4
Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu , umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti , nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.
5
Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose , kanjalo ngiyakuba nawe ; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.
6
Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
7
Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.
8
Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
9
Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
10
UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:
11
Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani
12
UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni , nabakwaGadi, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase, wathi:
13
Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova , ethi: U Jehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe.
14
Omkenu, nabantwana benu , nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani ; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,
15
uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.
16
Bamphendula uJoshuwa , bathi: Konke osiyale ngakho s iyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.
17
Njengalokho samlalela kukho konke , kanjalo siyakulalela wena ; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho , makabe kuwe njengalokho wayenoMose.
18
Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho , angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.