Skip to Content

UJona Chapter 2

1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2 wathi: Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova , wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami. 3 Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. 4 Ngathi mina : Ngixoshiwe emehlweni akho ; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. 5 Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami , utwa lwangikaka . Umhlanga wathandela ekhanda lami. 6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba ; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade . Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini , Jehova Nkulunkulu wami. 7 Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami , ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. 8 Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. 9 Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa , ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova. 10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi , yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.