UJeremiya Isahluko 38
1
UShefathiya indodana kaMathani, noGedaliya indodana kaPhashuri , noJukali indodana kaShelemiya, noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya awakhulumayo kubo bonke abantu ukuthi:
2
Usho kanje uJehova , uthi: Osele k ulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila , nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.
3
Usho kanje uJehova , uthi: Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBabele, iwuthathe.
4
Zase zithi izikhulu enkosini: Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo , ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.
5
USedekiya inkosi wayesethi : Bhekani, usesandleni senu , ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho.
6
Zase zimthatha uJeremiya , zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo , bamehlisa uJeremiya ngezintambo . Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.
7
U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,
8
u-Ebedi Meleki waphuma endlini yenkosi, wakhuluma enkosini, wathi:
9
Nkosi yami , nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini.
10
Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.
11
U-Ebedi Meleki wabathatha abantu , wahamba nabo, waya endlini yenkosi phansi kwendlu yengcebo , wakhipha khona amadlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo, wawehlisela kuJeremiya emgodini ngezintambo.
12
U-Ebedi Meleki umKushe wathi kuJeremiya : Faka lawa madlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo emakhwapheni phansi kwezintambo . UJeremiya wenze njalo.
13
Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya
14
USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.
15
UJeremiya wathi kuSedekiya : Uma ngikutshela , awuyikungibulala nokungibulala na? Uma ngikululeka, awuyikungilalela.
16
Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya , yathi: Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo , angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.
17
Wayesethi uJeremiya kuSedekiya : Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: U ma uphuma nokuphuma , uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila , futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho;
18
kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele , lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi , awushise ngomlilo , ungaphunyuki esandleni sabo.
19
Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya : Ngiyesaba abaJud a abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.
20
Kepha uJeremiya wathi : Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe ; kuyakuba kuhle kuwe , umphefumulo wakho uphile.
21
Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:
22
Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele ; bheka, bayakuthi: Abahlobo bakho abakhulu bakududile , bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakh e zishone exhaphozini, babuyele emuva.
23
Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho ; awuyikuphunyuka esandleni sabo , kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.
24
USedekiya wayesethi kuJeremiya : Makungabikho mu ntu owazi lawa mazwi, funa ufe.
25
Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe , bese zifika kuwe , zithi kuwe: Ake usitshele okukhulumileyo enkosini , ungasifihleli khona , asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,
26
uyakuthi kubo : Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.
27
Zonke izikhulu zafika kuJeremiya , zambuza. Wazitshela onke lawa mazwi inkosi emyale ngawo. Zathula, zasuka kuye, ngokuba indaba ayizwakalanga.
28
Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo , kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.