UJeremiya Isahluko 24
1
UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiw ane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova , uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi , nabakhandi, wabasusa eJerusalema , wabayisa eBabele.
2
Elinye iqoma lalin amakhiwane amahle kakhulu , enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu , engenakudliwa ngobubi bawo.
3
Wayesethi uJehova kimi : Ubonani, Jeremiya, na? Ngathi: Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu , namabi ngamabi kakhulu , enganakudliwa ngobubi bawo.
4
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
5
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda , engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.
6
Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.
7
Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova ; bayakuba ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo , ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
8
Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo , impela kanjalo, usho kanje uJehova , ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda , nasezikhulwini zakhe , nakuyo insali yaseJerusalema , abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.
9
Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba , babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
10
Ngiyakuthuma kubo inkemba , nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.