UJeremiya Isahluko 16
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.
3
Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:
4
Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.
5
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Ungangeni endlini yesililo , ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu , usho uJehova, kanye nomusa nobumnene.
6
Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe , abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;
7
abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo , bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.
8
Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.
9
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.
10
Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu on ke lawa mazwi , basho kuwe ukuthi: UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na ? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?
11
Usuyakusho kubo ukuthi : Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile , usho uJehova, balandela aba nye onkulunkulu , babakhonza, bakhuleka kubo , bangishiya, abagcinanga umthetho wami,
12
nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,
13
ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe , niye ezweni eningalaziyo , nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku , ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.
14
Ngalokho bheka , izinsuku ziyeza , lapho kungasayikuthiwa : Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,
15
kepha: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa -Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona ; kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.
16
Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi , usho uJehova , babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi , babazingele kuzo zonke izintaba , nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.
17
Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo ; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
18
Kuqala ngi yakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo , ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo , baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.
19
Jehova, mandla ami nenqaba yami , siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe a bezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba , bathi: Obaba badlile ifa lamanga kuphela , okuyize, engekho kukho insizakalo.
20
Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu.
21
Ngalokho bheka , ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhath i isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.