Skip to Content

UDuteronomi Chapter 17

1 Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo , noma imvu enesici , enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. 2 Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona , owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe, 3 wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu , wakhuleka kubo , noma ilanga , noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho, 4 besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile , leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli, 5 uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho , lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe. 6 Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa ; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa. 7 Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala , ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. Imithetho yabahluleli neyamakhosi 8 Uma kuvela indaba ekwahlulayo , ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi , naphakathi kwecala necala , naphakathi kokushaya nokushaya , kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho , wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, 9 uye kubapristi bamaLevi , nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku , ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela, 10 wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova , uqaphele ukwenza nj engakho konke abakufundisa khona; 11 njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza , ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo. 12 Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli , lowo muntu makafe , wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. 13 Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya. 14 Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulidle, uhlale kulo , uthi: Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo, 15 uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha ; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu. 16 Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe , ukuze andise amahhashi , ngokuba uJehova ushilo kini , wathi: Anisayikubuyela ngaleyo ndlela. 17 Akayikuzandisela abafazi , ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke , angazandiseli isiliva negolide. 18 Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; 19 iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu w akhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze, 20 inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo , angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo , ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe , yena nabantwana bakhe phakathi kuka - Israyeli.