Skip to Content

U-Isaya Chapter 57

1 Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni ; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini, 2 angene ekuthuleni ; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo. 3 Kepha sondelan i nina madodana abahlola imihlola , inzalo yomphingi neyesifebe. 4 Nidlala nobani , nikhamisela bani umlomo , ninyalizela bani , na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini, 5 nina enisha phakathi kwama -oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza , enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na? 6 Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini ; wona yiwo angawenkatho yakho ; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa , wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na? 7 Entabeni ende nephakemey o uwubekile umbhede wakho ; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo. 8 Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika , wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni , wawandisa, wavumelana nabo , wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo. 9 Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo. 10 Wakhathala ngobude bendlela , kepha awushongo ukuthi : Kuyize. Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla. 11 Washaywa luvalo ngobani , wamesaba, waze waqamba am anga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho , na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na? 12 Mina ngiyakumemezela ukulung a kwakho nemisebenzi yakho ; kepha akuyikukusiza. 13 Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele. 14 Kuyakuthiwa: Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami. Ukuphiliswa kothobekileyo 15 Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo. 16 Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade , angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami , leyo miphefumulo engiyenzileyo. 17 Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe. 18 Ngizibonile izindlela zakhe , ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo, 19 ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi : Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze, usho uJehova; ngiyakumphilisa. 20 Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo , ngokuba alunakuphumula , namanzi alo akhipha udaka nobishi. 21 Akukho ukuthula kwababi, usho uNkulunkulu wami.