Skip to Content

U-Isaya Chapter 52

1 Vuka, vuka, wembathe amandla akho , Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwe le, ngokuba akusayikungena kuw e ongasokile nongcolileyo. 2 Zithintithe uthuli , usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo ; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo. 3 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Nathengiswa ngento engel utho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali. 4 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Abantu bami behlela kuqala eGibithe ukuba bagogobale khona ; i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu. 5 Manje nginantoni lapha, usho uJehova, lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa , usho uJehova , negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke. 6 Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami ; ngalokho bayakuqonda ngalolo suku ukuthi yimi engikhulumileyo; bhekani, ngilapha. 7 Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle , nomemezela ukuthula , obika izindaba ezinhle , ezwakalise ukusindiswa , oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi. 8 Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni. 9 Qhumukani ngokuhlabelela , nihlabelele kanyekanye , nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema. 10 UJehova wambulile ingalo yakhe engcwel e emehlweni ezizwe zonke , namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu. 11 Mukani, mukani, niphume lapha , ningathinti okungcolileyo , niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova. 12 Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha , ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu , noNkulunkulu ka -Israyeli uyakuba semva kwenu. Ukuhlupheka kwenceku 13 Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle ; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu. 14 Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu 15 kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona , nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.