U-Isaya Chapter 42
1
Bheka inceku yami engiyisekelayo , okhethiweyo wami othokoza ngay e umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe , uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.
2
Akayikukhala, adazuluke, angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.
3
Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.
4
Akayikudangala, aphele amandla , aze amise ukwahlulela emhlabeni ; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.
5
Usho kanje uNkul unkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumul a nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6
Mina Jehova ngikubizile ngokulunga , ngiyakubamba isandla sakho , ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,
7
ukuze uvule amehlo ezimpumputhe , ukhiphe iziboshwa etilongwen i nabahlezi ebumnyameni etilongweni.
8
NginguJehova; yilo igama lami ; angiyikunika omunye inkazimulo yami , nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
9
Izinto zakuqala zifikile , sengimemezela izinto ezintsha ; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona. Ihubo elisha
10
Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11
Ihlane nemizi y alo makujabul e nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari , bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.
12
Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13
UJehova uyaphuma njengeqhawe ; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
14
Sekuyisikhathi eside ngithulile , ngathula ngazibamba ; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
15
Ngiyakwenza ize izintaba namagquma , ngomise yonke imifino ya wo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.
16
Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo ; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola ; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe ; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17
Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi : Ningonkulunkulu bethu.
18
Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.
19
Ngubani oyimpum puthe ngaphandle kwenceku yami , nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo , na? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?
20
Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.
21
Kwaba kuh le kuJehova ngenxa yokulunga kwakh e ukuba akhulise umthetho, awudumise.
22
Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo ; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni ; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: Buyisa.
23
Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?
24
Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe , no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova , esonile kuye , nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?
25
Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe , namandla empi; kwamvuthela nxazonke , kepha akakwazanga ; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.