Skip to Content

U-Isaya Chapter 14

1 Ngokuba uJehov a uyakumhawukela uJakobe , abuye amkhethe u -Israyeli, ababeke ezweni lakubo ; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo , banamathele endlini kaJakobe. 2 Abantu bayakubathatha , babayise ezindaweni zabo ; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova , babe yiz inceku nezincekukazi , babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo , babuse phezu kwabacindezeli babo. 3 Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho , nasekuhluphekeni kwakho , nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo, 4 uphakamise lesi saga n genkosi yaseBabele , uthi: Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa! 5 UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi 6 eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga. 7 Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela. 8 Yebo, nemisayipuresi ithokoza ngawe , kanye nemisedari yaseLebanoni , ngokuthi: Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina. 9 Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiw e ukuba ikuhlangabez e ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi , zonke izikhulu zomhlaba , isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi. 10 Onke ayakuthatha athi kuwe : Nawe usubuthakathaka njengathi , usufana nathi, na? 11 Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo , umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela. 12 Yeka ukuwa kwakho ezulwini , khwezi elikhanyayo , ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. 13 Wena wathi enhliziyweni yakho : Ngiyakukhuphukela ezulwini , ngiphakamise isihlalo sami sobukhos i phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. 14 Ngiyakukhuphuka phezu kwezindaw o eziphakemeyo zamafu , ngizenze ngibe ngangoPhezukonke. 15 Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. 16 Abakubonayo bayakugqolozela , bakuqaphele, bathi: Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, 17 owenza izwe laba yihlane , wayichitha imizi yalo , akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na? 18 Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo. 19 Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakh o njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo , abahlatshwe yinkemba , abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo. 20 Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni , ngokuba uchithile izwe lakho , wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade. 21 Lungiselani abantwana bakhe ukubulaw a ngobubi bawoyise , ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi. 22 Ngiyakubavukela, usho uJehova Sebawoti , nginqume eBabele igama , nensali, nendodana, nomzukulwana, usho uJehova. 23 Ngiyakulenza libe yifa likanondweb u namachibi amanzi , ngilishanele ngomshanelo wencithakalo, usho uJehova Sebawoti. Isiprofetho nge-Asiriya 24 UJehova Sebawoti ufungile , wathi: Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo 25 ukuthi ngiyakumaphula owase -Asiriya ezweni lami , ngimnyathele phansi ezintabeni zami ; bese lisuka kubo ijoka lakhe , nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo. 26 Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke ; yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke. 27 Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile ; ngubani ongakuchitha na ? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na? Isiprofetho ngeFilistiya 28 Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho. 29 Ungathokozi wena Filistiya lonk e ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu , nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo. 30 Amazibulo a bampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile ; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa. 31 Klewula wena sango , dazuluka wena muzi , phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi ; akakho oyakwahlukana n ebutho lakhe. 32 Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na ? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.