Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 19

1 Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. 2 Sebesukile eRefidimi , befike ehlane laseSinayi , bamisa ehlane ; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba. 3 UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye , wathi: Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi: 4 Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. 5 Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami , nigcine isivumelwano sami , niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe , ngokuba umhlaba wonke ungowami, 6 nibe ngumbuso wabapristi kimi , nesizwe esingcwele . Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli. 7 UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo. 8 Bonke abantu baphendula kanyekanye , bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza. UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu. 9 UJehova wathi kuMose : Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe , bakholwe nguwe kuze kube phakade . UMose walandisa uJehova amazwi abantu. 10 UJehova wayesethi kuMose : Hamba uye kubantu , ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo, 11 babe sebelungile ngosuku lwesithathu ; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke. 12 Wena-ke wobamise la abantu umkhawulo nxazonke , uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni , ningathinti umkhawulo wayo . Lowo othinta intaba uyakubulawa impela; 13 makangaphathwa ngesandla , kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo ; noma kuyinkomo noma kungumuntu , akuyikuphila. Nxa icilongo likhala linganqamuki , bayakukhuphukela entabeni. 14 UMose wehla entabeni , wabuyela kubantu , wabangcwelisa abantu ; bahlanza-ke izingubo zabo. 15 Wayesethi kubantu : Anoba senilungile ngosuku lwesithathu ; ningasondeli kowesifazane. 16 Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela. 17 UMose wayesebakhipha abantu ekamu ukuba bahlangane noN kulunkulu; bema phansi kwentaba. 18 Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu. 19 Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuq ala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu. 20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke. 21 UJehova wayesethi kuMose: Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo. 22 Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise , funa uJehova abadumele. 23 UMose wathi kuJehova : Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi , ngokuba usiyalisisile, wathi: Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise. 24 Wayesethi uJehova kuye : Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke , wena no- Aroni enawe ; kepha abapristi nabantu mabangafohli , bakhuphukele kuJehova, funa abadumele. 25 UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.