U-Amose Chapter 7
1
INkosi uJehova yangibonisa kanje : bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva ; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.
2
Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
3
UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, usho uJehova. Umbono ngomlilo eqedayo
4
Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.
5
Ngase ngithi: Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
6
UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, isho iNkosi uJehova. Umbono ngentambo yomthofu
7
Wayesengibonisa kanje : bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa , enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.
8
UJehova wathi kimi : Amose, ubonani na ? Ngathi: Intambo yomthofu wokumisa. Yayisithi iNkosi : Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.
9
Izindawo eziphakemeyo zika -Isaka ziyakuchithwa , nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba. O-Amasiya no-Amose
10
U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa - Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.
11
Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi: UJerobowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.
12
U-Amasiya wayesethi ku -Amose: Wena mboni , hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;
13
ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele , ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.
14
Wayesephendula u-Amose, wathi ku -Amasiya: Angisiye umprofethi mina , nendodana yompr ofethi angisiyo , kepha ngangingumalusi , ngangitshala imithombe.
15
Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi ; uJehova wathi kimi : Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.
16
Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.
17
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Umkakho uyakufeba emzini , namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo , u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.