Skip to Content

U-Amose Isahluko 3

1 Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa -Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi: 2 Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba ; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu. 3 Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na? 4 Ingonyama iyabhodla ehlathini , ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na? 5 Inyoni iwela og ibeni emhlabathini , ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na? 6 Kungabethwa icilongo emzini , bangesabi abantu , na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na? 7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho , ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi. 8 Ingonyama ibhongile , ngubani ongayikwesaba na ? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na? Ukwahlulelwa kweSamariya 9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo. 10 Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo , usho uJehova ; babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi. 11 Ngalokho isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Isitha siyakulihaqa izwe , sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi. 12 Usho kanje uJehova , uthi: Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe , kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa , abahlala eSamariya ezingosini zezihlal o naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede. 13 Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe , isho iNkosi uJehova , uNkulunkulu Sebawoti. 14 Ngokuba mhla ngiyakumhambela u -Israyeli ngeziphambeko zakhe , ngiyakuhambela nama -altare aseBethele , kunqunywe izimpondo ze -altare, ziwe phansi. 15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo , kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela, usho uJehova.