Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 23

1 Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, 2 wathi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. 3 Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; 4 babopha imithwalo enz ima, bayibeke emahlombe abantu ; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo. 5 Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu ; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. 6 Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihla lo eziphambili emasinagogeni, 7 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi . 8 Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi ; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. 9 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo ; ngokuba munye uyih lo, osezulwini. 10 Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. 11 Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. 12 Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. 13 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena. 14 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide ! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. 15 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! 16 Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi : Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile! 17 Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? 18 Futhi: Yilowo ofunga i -altare akulutho , kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile. 19 Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na? 20 Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. 21 Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo. 22 Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu n ohlezi phezu kwaso. 23 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. 24 Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela. 25 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! 26 Mfarisi oyimpumputhe , hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo , ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. 27 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! 28 Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi. 29 Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo! 30 Nithi: U ma sasikhona emihleni yawobaba , sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi. 31 Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. 32 Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo. 33 Zinyoka, nzalo yamabululu , niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na? 34 Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi , nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi 35 ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika -Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. 36 Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane. 37 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso , kepha anivumanga. 38 Bhekani, indlu yenu isisala nani. 39 Ngokuba ngithi kini : Anisayikungibona nize nithi : U busisiwe ozayo egameni leNkosi.