NgokukaMathewu Chapter 10
1
Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili , wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe , nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
2
Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa : owokuqala nguSimoni othiwa uPetru , no-Andreya umfowabo , noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo,
3
noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka- Alfewu, noThadewu,
4
noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
5
Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma , wabayala wathi : Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
6
kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.
7
Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.
8
Phulukisani abagulayo , nivuse abafileyo , nihlambulule abanochoko , nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
9
Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu,
10
nasikhwama sendlela , namabhantshi amabili , nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.
11
Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo , cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.
12
Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele.
13
Uma indlu ifanele , ukuthula kwenu makuze ph ezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.
14
Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu , anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi , nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.
15
Ngiqinisile ngithi kini : Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.
16
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi ; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
17
Kepha xwayani abantu , ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo.
18
Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami , kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
19
Kepha kuyakuthi , nxa benikhaphela , ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini , ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.
20
Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
21
Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni , noyise umntanakhe ; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
22
Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.
23
Nxa benizingela komunye umuzi , anobalekela komunye ; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
24
Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo.
25
Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe , nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.
26
Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa.
27
Lokhu enginitshela khona ebumnyameni , kukhulumeni ekukhanyeni ; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
28
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo , kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhis a nomphefumulo nomzimba esihogweni.
29
Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na ? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo.
30
Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.
31
Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
32
Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu , nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;
33
kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu , nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
34
Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni ; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
35
Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise , nendodakazi nonina , nomalokazana noninazala.
36
Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.
37
Othanda uyise nonina kunami kangifanele ; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;
38
nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.
39
Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho ; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
40
Onamukela nina uyangamukela mina ; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.
41
Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.
42
Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane , ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.