NgokukaMarku Chapter 5
1
Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.
2
Esephume emkhunjini , kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.
3
Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;
4
ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga , kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe , kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.
5
Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni , ememeza, ezilimaza ngamatshe.
6
Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;
7
wayesememeza ngezwi elikhulu , ethi: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke ? Ngikufungisa uNkulunkulu , ungangihluphi.
8
Ngokuba wathi kuye: Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.
9
Wayesembuza ethi : Ngubani igama lakho ? Wathi kuye: NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.
10
Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.
11
Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.
12
Bamncenga bathi: Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.
13
Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma , bangena ezingulubeni ; umhlambi wagulukudela eweni , waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.
14
Ababezalusa babaleka , baya babika emzini nasemaphandleni ; base beza ukuyobona okwenzekileyo.
15
Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe , esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.
16
Ababekubonile b abatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.
17
Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.
18
Wathi ukuba angene emkhunjini , lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.
19
Akamvumelanga, kepha wathi kuye : Hamba uye ekhaya kwabakini , ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.
20
Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Luk. 8:40)
21
Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi , kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.
22
Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge , nguJayiru igama lakhe , owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,
23
wamncenga kakhulu , wathi: Indodakazi yami isiyalela ; ake uze , ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.
24
Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.
25
Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,
26
ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi , echithile konke ayenakho , engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,
27
esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,
28
ngokuba wathi: Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.
29
Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe , wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.
30
Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye , waphendukela esixukwini, wathi: Ngubani othinte izingubo zami na?
31
Abafundi bakhe bathi kuye : Uyabona isixuku sikucindezela , usuthi: Ngubani ongithintileyo na?
32
Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.
33
Khona owesifazane esaba ethuthumela , azi okwenzekile kuye , weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.
34
Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.
35
Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge , bathi: Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?
36
Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo , wathi kumphathi wesinagoge: Ungesabi, kholwa kuphela.
37
Akavumelanga muntu amlandele , kuphela oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.
38
Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge , wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.
39
Wangena, wathi kubo : Niyaluzelani, nikhalelani na ? Umntwana akafile , kodwa ulele.
40
Bamhleka usulu . Kepha yena wabakhipha bonke , wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye , wangena lapho kulele khona umntwana.
41
Wabamba umntwana ngesandla , wathi kuye: Thalitha, kumi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!
42
Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.
43
Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu ; futhi wathi mayiphiwe ukudla.