Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 15

1 Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa. 2 AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi : Lo muntu wamukela izoni , adle nazo. 3 Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: 4 Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu , alahlekelwe ngenye kuzo , angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane , aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? 5 Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. 6 Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile. 7 Ngithi kini : Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka. 8 Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi , uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye , angokheli isibani , ashanele indlu , afunisise, aze aluthole? 9 Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane , athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele. 10 Ngithi kini : Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo. 11 Wayesethi: Umuntu othile wayenamadodana amabili. 12 Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla. 13 Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude , yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. 14 Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. 15 Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe ; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. 16 Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu. 17 Kuthe sekusile kuyo , yathi: Bangaki abaqashwa bakab aba abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. 18 Ngiyakusuka, ngiye kubaba , ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; 19 angisafanele ukuthiwa indodana yakho ; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho. 20 Yayisisuka, yafika kuyise ; kepha ku the isekude , uyise wayibona , waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. 21 Indodana yayisithi kuye : Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho ; angisafanele ukuthiwa indodana yakho. 22 Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe : S heshani nikhiphe ingub o enhle kunazo zonke , niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, 23 nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; 24 ngokuba le ndodana yami ibifile , yabuye yaphila ; ibilahlekile, seyatholakala; base beqala ukujabula. 25 Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini ; yathi iseza isondela endlini , yezwa ukuhlabelela nokusina. 26 Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. 27 Wathi kuyo: Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo , ngokuba ubuye wamthola ephilile. 28 Kepha yathukuthela , kayivumanga ukungena ; uyise wayesephuma, wayincenga. 29 Kodwa yaphendula, yathi kuyise: Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile ; angizange ngeqe umyalo wakho , kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, 30 kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo. 31 Wayesethi kuyo : M ntanami, wena uhlala nami njalo ; konke okwami kungokwakho. 32 Kepha simelwe ukujabula , sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile , wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.