Skip to Content

IzEnzo Chapter 6

1 Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda , kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. 2 Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi , bathi: Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. 3 Funani-ke phakathi kwe nu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. 4 Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi. 5 Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla ; base bekhetha uStefanu , umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele , noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya, 6 babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. 7 Izwi likaNkulunkulu landa , umumo wabafundi wakhula eJer usalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. UStefanu umangalelwa emphakathini 8 Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. 9 Kwase kusuka abanye besinagoge elithiwa elabaLibertino , nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase -Asiya, baphikisana noStefanu; 10 kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. 11 Khona bathenga amadoda athi : Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu, 12 bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini; 13 bamisa ofakazi bamanga abathi : Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; 14 ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo , aguqule imithetho asinika yona uMose. 15 Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.