IzEnzo Chapter 2
1
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.
2
Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
3
Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo ; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.
4
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele , baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
5
Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema , amadoda akholwayo , evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;
6
kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
7
Bethuka, bamangala bathi : Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
8
Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?
9
AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya , naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,
10
naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,
11
nabaJuda namap roselite, abaseKrethe nabase -Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.
12
Bonke bamangala , basambatheka, bathi omunye komunye : Kuthini lokhu na?
13
Kepha abanye bebabhuqa bathi: Bagcwele iwayini elimnandi. Intshumayelo kaPetru
14
Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye , waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo : Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.
15
Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu , lokhu kuseyihora lesithathu lemini;
16
kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:
17
Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela , kusho uNkulunkulu , ngiyakuthulula uMoya wam i phezu kwayo yonke inyama ; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono , abadala benu baphuphe amaphupho;
18
yebo, naphezu kwezinceku zami nezincekukazi zami ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla, ziyakuprofetha.
19
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezul u nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.
20
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.
21
Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.
22
Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,
23
yena lo , esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;
24
lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa , lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.
25
Ngokuba uDavide uthi ngaye : Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo , ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa.
26
Ngalokho inhliziyo yami iyajabula , nolimi lwami luyethaba ; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.
27
Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.
28
Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.
29
Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa , nokuthi wembelwa , nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.
30
Ngakho lokhu engumprofethi , ekwazi ukuthi uNkulunkulu waye fungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,
31
ebona kuse phambili , wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese, nenyama yakhe ayibonanga ukubola.
32
UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;
33
ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu , esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele , wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
34
Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi : INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami,
35
ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
36
Ngakho indlu yonke yakwa -Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni. Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu
37
Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni , bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?
38
UPetru wayesethi : Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethele lwa kwezono zenu ; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
39
Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu , esabo bonke abakude , bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
40
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi , wabayala wathi : Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.
41
Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa , kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. Ibandla laseJerusalema
42
Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli , nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
43
Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba ; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.
44
Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke;
45
bathengisa ngemfuyo nangempahla , babela bonke nga yo njengokuswela kwabo.
46
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,
47
bemdumisa uNkulunkulu , bethandeka kubantu bonke . INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.