Skip to Content

IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 6

1 Othandiweyo wakho uyephi , wena muhlekazi phakathi kwabesifazane ; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na? 2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe , ezindimeni zamakha , ukuba aluse ensimini, akhe iminduze. Umakoti: 3 Mina ngingowothandiweyo wami , nothandiweyo wami ungowami , lapho alusa phakathi kweminduze. Umyeni ubabaza umakoti wakhe 4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi. 5 Susa amehlo akho kimi , ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi. 6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaz i ezikhuphuka zigeziwe , zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo. 7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati emva kwemvakazi yakho. 8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha , nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa. 9 Kepha ijuba lami , opheleleyo wami munye nje ; ungoyedwa kunina , ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayamb ona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa. Abangane: 10 Ngubani lo olunguza njengokusa , emuhle njengenyanga , ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na? Umnyeni: 11 Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi , nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati uma ekhahlele. 12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibek a enqoleni yabantu benkosana yami. Abangane: 13 Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Umnyeni: Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.