Skip to Content

IsAmbulo Chapter 21

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha ; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha , wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. 3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi , lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu ; uyakuhlala nabo , babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, 4 azesule izinyembezi zonke emehlweni abo ; ukufa akusayikuba khona ; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona ; ngokuba okokuqala kudlulile. 5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi : Bheka, ngenza konke kube kusha . Wathi: Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile. 6 Wayesethi kimi: Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. 8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili. Inkazimulo yeJerusalema lasezulwini 9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu. 10 Yamuka nami ngikuMoya , yaya entabeni enkulu nephakemeyo , yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu, 11 unenkazimulo kaNkulunkulu ; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi elicwebezelayo, 12 unogange olukhulu noluphake meyo, unamasango ayishumi nambili , nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili , kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; 13 ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu , nangasenyakatho amasango amathathu , nangaseningizimu amasango amathathu , nangasentshonalanga amasango amathathu. 14 Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili , naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu. 15 Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide uku ba alinganise umuzi , namasango awo, nogange lwawo. 16 Umuzi umi unezinhlangothi ezine , nobude bawo bungangobubanzi bawo . Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. 17 Walinganisa ugange lwawo , izingalo eziyikhulu namashumi amane nane , yisilinganiso somuntu esingesengelosi. 18 Nogange lwawo lwakhiwe ngejaspi , nomuzi wawungowegolide elihle , linjengengilazi ecwebezelayo. 19 Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anena ni elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi , esesibili yisafire , esesithathu yikhalkedoni, esesine yisimaragidu, 20 esesihlanu yisaridonikisi, esesithupha yisardiyu, esesikhombisa yikrisolithe, esesishiyagalombili yibherile , esesishiyagalolunye yitopazi , eseshumi yikrisoprasi, eseshumi nanye yihiyakinte, eseshumi nambili yi-amethiste. 21 Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili ; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye . Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo. 22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo , ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. 24 Izizwe zi yakuhamba ekukhanyeni kwawo , namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo; 25 namasango awo awasoze avalwa emini , ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; 26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe. 27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.