AmaHubo Chapter 69
1
Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.
2
Ngishone odakeni lobishi olujulileyo , kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.
3
Ngikhathele ukukhala kwami , umphimbo wami ushile ; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.
4
Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami ; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici ; nengingakuphanganga ngakubuyisela.
5
Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.
6
Mabangajabhiswa ngami ab akulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti ; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.
7
Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami.
8
Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.
9
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile ; izithuko zabakuthukayo zingehlele.
10
Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami.
11
Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo.
12
Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.
13
Kodwa mina , umkhuleko wami ukuwe Jehov a esikhathini sokuzwelwa , Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhul u ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
14
Ngikhiphe odakeni , mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo , nasemanzini alutwa.
15
Isikhukhula samanzi masingangicwilis i, utwa lungangigwinyi , umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.
16
Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile ; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.
17
Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.
18
Sondela kuwo umphefumulo wami , uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19
Wena uyakwazi ukuthukwa kwami , namahloni ami nokudunyazwa kwami ; zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20
Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami , ngigula kakhulu ; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.
21
Banginika inyongo ibe ngukudla kwami ; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22
Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo , libe lugibe kwabahlezi bezithulele.
23
Amehlo abo mawafiphale , ukuze bangaboni ; izinkalo zabo zintengezele njalo.
24
Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho ; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.
25
Umuzi wabo mawuchitheke; makungabikho ohlala ematendeni abo.
26
Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela , baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.
27
Yengezela ukona ekoneni kwabo; mabangezi ekulungeni kwakho.
28
Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29
Mina kodwa ngihluphekile , ngibuhlungu; insindiso yakho , Nkulunkulu mayingilondoloze.
30
Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu , ngimphakamise ngokubonga.
31
Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo , kunenkunzi enezimpondo nezinselo.
32
Kuyakuthi abayizivi bekubona , bajabule; nina enifuna uNkulunkulu , inhliziyo yenu mayiphile.
33
Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.
34
Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.
35
Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni , akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
36
Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa ; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.