Skip to Content

AmaHubo Chapter 37

1 Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. 2 Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani , babune njengemithana eluhlaza. 3 Themba kuJehova , wenze okulungileyo ; hlala ezwen i, uzondle ngokukholeka; 4 zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. 5 Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. 6 Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya , nokufanele wena njengemini. 7 Thula ph ambi kukaJehova , ulindele yena ; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. 8 Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. 9 Ngokuba ababi bazakuchithwa , kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. 10 Kuse ngumzuzwana , omubi angabe esabakho ; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. 11 Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba , bathokoze ngokuthula okukhulu. 12 Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo. 13 INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza. 14 Ababi bahosha inkemba , bansale umnsalo wab o ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile. 15 Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe. 16 Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi. 17 Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa , kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. 18 UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho ; ifa labo liyakuma kuze kube phakade. 19 Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala. 20 Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu. 21 Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane. 22 Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla if a lomhlaba , kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa. 23 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe. 24 Noma ekhubeka , akayikuwa phansi , ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe. 25 Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla. 26 Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso. 27 Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade. 28 Ngokuba uJehova uthanda ukulunga , akabashiyi abangcwele bakhe ; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa. 29 Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo. 30 Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga. 31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe ; izinyathelo za khe azisheleli. 32 Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala. 33 UJehova akayikumnikela esandleni sakhe ; akayikumlahla lapho ahlulelwa khona. 34 Lindela uJehova , ulonde indlela yakhe ; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona. 35 Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo; 36 kwathi lapho umuntu edlula , bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa. 37 Mbhekisise ongasolekiyo , umbone oqotho ; ngokuba umuntu wokuthula , ukugcina kwakhe kuhle. 38 Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke ; isikhathi sababi siyakunqunywa. 39 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova ; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka. 40 UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.