AmaHubo Chapter 17
1
Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
2
Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho ; amehlo akho mawabheke okulungileyo.
3
Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.
4
Emisebenzini yabantu ngiyazilinda , ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.
5
Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.
6
Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi , uzwe izwi lami.
7
Bonakalisa isihe sakho esimangalisay o wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.
8
Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9
kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10
Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11
Noma siyaphi , bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12
Unjengengonyama ehahela ukubamba , njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13
Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14
nakubantu ngesandla sakho , Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.
15
Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni , ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.