AmaHubo Chapter 109
1
Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.
2
Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi ; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.
3
Bangizungeza ngamazwi enzondo; balwa nami, kungekho sizathu.
4
Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo.
5
Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.
6
Beka omubi phezu kwakhe ; makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.
7
Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala ; umkhuleko wakhe mawube yisono.
8
Izinsuku zakhe mazibe yingcosana, omunye athathe isikhundla sakhe.
9
Abantwana bakhe mababe yizintandane, umkakhe abe ngumfelokazi.
10
Abantwana bakhe mababe yizintandane , baphanze, bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.
11
Umtsheleki makabambe konke anakho, abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.
12
Makungabikho omenzela umusa , futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.
13
Inzalo yakhe mayinqunywe ; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.
14
Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova; masingesulwa isono sikanina.
15
Mabeme phambi kukaJehova njalo , kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.
16
Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa , kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.
17
Wathanda ukuthuka , kweza phezu kwakhe ; wayengathokozi ngesibusiso , sahlala kude naye.
18
Wagqoka ukuthuka njengesambatho , kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19
Makube kuye njengesambatho asembathay o nebhande azibopha ngalo isikhathi sonke.
20
Lokhu makube ngumvuzo wezitha , uvela kuJehova, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
21
Kepha wena Jehova, Nkosi yami , ngiphathe ngokwegama lakho ; njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.
22
Ngokuba ngingodingayo nompofu; inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
23
Njengethunzi eselilide ngiyamuka; njengesikhonyane ngiyapheshulwa.
24
Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla , nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
25
Futhi ngaba yisihlamba kubona; bengibheka banikina amakhanda abo.
26
Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,
27
ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho; wena Jehova ukwenzile.
28
Mabathuke bona , wena ubusise ; nxa bevuka , mabajabhe; kepha inceku yakho mayithokoze.
29
Abamelene nami mabembeswe amahloni , bagqoke ukujabha njengesambatho.
30
Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami, ngimdumise esixukwini.
31
Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.