AmaHubo Chapter 104
1
Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami , umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;
2
ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;
3
obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
4
owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5
Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo , ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6
Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.
7
Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8
Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9
Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.
10
Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.
11
Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle , izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12
Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo , zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13
Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe ; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14
Uhlumisela izinkomo utshan i nemifino yokusiza umuntu , ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15
newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu , namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16
Iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo,
17
okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.
18
Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle ; amawa ayisiphephelo sezimbila.
19
Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi ; ilanga liyazi ukushona kwalo.
20
Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21
Izingonyama ezintsha zibhongela impango , zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22
Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
23
Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24
Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho ; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25
Nantu ulwandle , lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.
26
Kuhamba khona imikhumbi , uLeviyathani lowo omenzile ukuba adlale kulo.
27
Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
28
Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29
Uyasitheza ubuso bakho , zethuke; uyasusa umphefumulo wazo , zife, zibuyele othulini lwazo.
30
Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31
Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade ; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
32
yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.
33
Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami ; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
34
Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.
35
Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!