Skip to Content

AmaHubo Chapter 1

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, 2 kepha okuthokoza kwak he kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. 3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi , othela isithelo sawo ngesikhathi sawo , oqabunga lawo lingabuni , nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho. 4 Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya. 5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni , nezoni ebandleni labalungileyo. 6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo , kodwa indlela yababi yobhubha.