2 uSamuweli Chapter 4
1
Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.
2
Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo ; igama lenye lalinguBahana negama lenye lal inguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini , ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.
3
AbaseBeyeroti babalekela eGitayimi, bagogobala khona kuze kube namuhla.
4
UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.
5
Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba , afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.
6
Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni ; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.
7
Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe , bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.
8
Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.
9
UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,
10
umuntu owangit shela ukuthi : Bheka, uSawule ufile , ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle , ngambamba, ngambulala eSikilagi , ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
11
kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe , angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu , nginisuse emhlabeni, na?
12
UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.