Skip to Content

2 iziKronike Chapter 19

1 UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ng okuphila endlini yakhe eJerusalema. 2 UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova. 3 Nokho kufunyaniswa kuwe nezin to ezinhle , ngokuba ususile o -Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu. UJehoshafati umisa abahluleli 4 UJehoshafati wahlala eJerusalema , kepha wabuye waphuma , wahamba phakathi kwabantu , kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni , wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise. 5 Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , imizi ngemizi, wathi kubahluleli: 6 Bhekani enikwenzayo , ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu , onani ekwahluleleni. 7 Ngalokho ingebhe ngoJeho va mayibe phezu kwenu ; qaphelani nikwenze , ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu , nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo. 8 Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa -Israyeli abokwahlulela kuka Jehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema, 9 wabayala wathi : Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova , ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo. 10 Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala. 11 Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka -Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda , kuzo zonke izindaba zenkosi ; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.