2 AmaKhosi Chapter 6
1
Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo.
2
Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo. Wathi: Hambani.
3
Kepha omu nye wathi : Vuma uhambe nezinceku zakho . Wathi: Ngiyakuhamba.
4
Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi.
5
Kwathi lapho omunye esegawula umshayo , insimbi yawela emanzini ; wakhala wathi: Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!
6
Wathi lowo muntu kaNkulunkulu : Iwelephi na ? Wamkhombisa indawo . Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta.
7
Wayesethi: Yikhuphule. Welula isandla sakhe, wayithatha.
8
Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no -Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.
9
Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa -Israyeli, wathi: Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo , ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.
10
Inkosi yakwa -Israyeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyo ndawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.
11
Inhliziyo yenkosi yase -Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba , yabiza izinceku zayo , yathi kuzo : Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?
12
Enye yezinceku zayo yathi : Hhayi, nkosi yami , nkosi, kodwa u -Elisha, umprofethi wakwa -Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa -Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.
13
Yayisithi: Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande . Watshelwa ukuthi: Bheka, useDothani.
14
Wathuma kho na amahhashi , nezinqola, nempi enkulu ; bafika ebusuku , bakaka umuzi nxazonke.
15
Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni , saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi . Yayisithi inceku kuye: Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?
16
Wathi: Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.
17
U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
18
Sebehlela kuye , u-Elisha wakhuleka kuJehova , wathi: Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe. Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
19
Wayesethi u -Elisha kubo : Le akusiyo indlela , nalona akusiwo umuzi ; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo. Wabayisa eSamariya.
20
Kwathi sebefike eSamariya , u-Elisha wathi : Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone . UJehova wavula amehlo abo , babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.
21
Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku -Elisha, isibabonile: Baba, ngibabulale na ? Ngibabulale na?
22
Kepha wathi : Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na ? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.
23
Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe , baya enkosini yabo . Amaviyo ama -Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli. Indlala yaseSamariya
24
Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi , inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.
25
Kwaba khona indlala enkulu eSamar iya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.
26
Kwathi inkosi yakwa -Israyeli idlula phezu kogange , kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: Siza, nkosi yami, nkosi.
27
Kepha yathi : Uma uJehova engakusizi , mina ngingatholaphi usizo na ? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?
28
Yayisithi inkosi kuye : Unani na? Wathi: Lo wesifazane wathi kimi : Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.
29
Sase siyipheka indodana yami , sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: Letha indodana yakho ukuba siyidle ; wayeseyifihlile indodana yakhe.
30
Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane , yaklebhula iz ingubo zayo isadlula phezu kogange ; abantu babuka , bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.
31
Yathi: UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.
32
Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?
33
Esakhuluma nawo , bheka, inkosi yehlela kuye ; yathi: Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?