Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 4

1 Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: Inceku yakho , indoda yami , ifile; wena uyazi ukuthi incek u yakho yayimesaba uJehova ; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila. 2 U-Elisha wathi kuye : Ngikwenzele ntoni na ? Ngitshele. Unantoni endlini? Wathi: Incekukazi yakho ayinalutho endlini ngaphandle komfuma wamafutha. 3 Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi yingcosana. 4 Wongena, uzivalele ngesivalo , wena namadodana akho , uthele ezitheni zonke lezo, ubeke ezigcweleyo eceleni. 5 Wasuka kuye , wazivalela yena namado dana akhe ngesivalo ; wona aletha kuye, yena wathela. 6 Kwathi izitsha sezigcwele , wathi endodaneni yakhe : Sondeza kimi nesinye isitsha. Kepha yathi kuye: Akusekho sitsha. Amafutha anquma-ke. 7 Wayeseya ukumtshela lowo muntu kaNkulunkulu . Wathi yena : Hamba uthengise ngamafutha , ukhokhe isikwenetu sakho , uzondle wena namadodana akho ngaseleyo. 8 Kwathi ngelinye ilanga u -Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo , wamcindezela ukuba adle isinkwa . Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle. 9 Wathi endodeni yakhe: Bheka, manje sengiyazi ukuthi ungumuntu ongcwele kaNkulunkulu, odlula kithi njalonjalo. 10 Ake sixhume odongeni ikamelo phezulu , simbekele khona umbhede , netafula, nesihlalo, nothi lwesibani; kuyakuthi lapho eza kithi , aphambukele khona. 11 Kwathi ngelinye ilanga wafika khona , waphambukela ekamelweni, walala khona. 12 Wathi kuGehazi inceku yakhe : Mbize lo mShunemikazi , wema phambi kwakhe. 13 Wathi kuye: Ake usho kuye ukuthi: Bheka, usinakekele ngakho konke lokhu kunakekela; ungenzelwa ntoni na ? Uthanda ukukhulunyelwa enkosini noma enduneni yempi na? Wathi: Ngihlezi phakathi kwabantu bakithi. 14 Wayesethi: Angenzelwa ntoni na ? UGehazi wathi : Impela akanandodana , nendoda yakhe isindala. 15 Wayesethi: Mbize. Wambiza; wema emnyango. 16 Wathi: Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana. Wathi: Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu , ungaqambi amanga encekukazini yakho. 17 Kepha owesifazane wakhulelwa , wazala indodana ngaleso sikhathi ngomnyaka olandelayo njengokusho kuka-Elisha kuye. 18 Kwathi umfana esekhulile , waphuma ngelinye ilanga , waya kuyise kubavuni. 19 Wathi kuyise: Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda! Wayesethi encekwini yakhe : Myise kunina. 20 Yamthatha, yamyisa kunina ; wahlala emathangeni akhe kwaze kwaba semini, wafa. 21 Wakhuphuka, wambeka embhedeni womuntu kaNkulunkulu , wamvalela, waphuma. 22 Wabiza indoda yakhe , wathi: Ake ungithumele enye yezinceku nenye yezimbongolo ukuba ngigijimele kulowo muntu kaNkulunkulu, bese ngibuya. 23 Kepha wathi: Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha. Wathi: Kahle. 24 Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe : Qhuba, uhambe njalo, ungangimisi ekuhambeni, uma ngingakutsheli. 25 Wayesehamba-ke, wafika kulowo muntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi la pho lowo muntu kaNkulunkulu embona esekude , wathi kuGehazi inceku yakhe: Bheka, nanguya umShunemikazi; 26 ake ugijime , umhlangabeze, uthi kuye : U sahlezi kahle na ? Indoda yakho isahlezi kahle na? Umntanakho usahlezi kahle na? Wathi: Sisahlezi kahle. 27 Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni , wabamba izinyawo zakhe . UGehazi wasondela ukuba amxoshe , kepha umuntu kaNkulunkulu wathi : Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe ; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga. 28 Wayesethi: Ngake ngacela yini indodana enkosini yami na? Angishongo yini ukuthi: Ungangikhohlisi, na? 29 Wayesethi kuGehazi : Bhinca izikhali zakho , uthathe udondolo lwami ngesandla sakho , uhambe; uma uhlangana nomuntu , ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela , ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana. 30 Unina womntwana wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela. 31 UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga. 32 U-Elisha esengene endlini , bheka, umntwana wayefile elele embhedeni wakhe. 33 Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova. 34 Wakhuphuka, walala phezu komntwana , wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe , nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe ; lapho esekhothama phezu kwakhe , inyama yomntwana yafudumala. 35 Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe ; umntwana w athimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe. 36 Wayesembiza uGehazi , wathi: Mbize lowo mShunemikazi . Wambiza. Esengene kuye, wathi: Thatha indodana yakho. 37 Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma. Ukufa kwasekhanzini 38 U-Elisha wabuyela eGiligali ; kwakukhona indlala kulelo zwe ; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe ; wathi encekwini yakhe: Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla. 39 Kwaphuma omunye , waya endle ukukha imifi no, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane ; yagcwala ingubo yakhe ; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi. 40 Base bethululela abantu ukuba badle . Kwathi besadla lokho kudla , bakhala bathi: We muntu k aNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini . Babengasenakudla. 41 Kepha wathi : Lethani impuphu . Wayiphonsa ekhanzini , wathi: Thululela abantu ukuba badle. Kwakungasekho okubi ekhanzini. U-Elisha usuthisa abantu abayikhulu 42 Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNk ulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: Banike abantu ukuba badle. 43 Kepha isikhonzi sakhe sathi : Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na ? Wathi: Banike ukuba badle , ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bayakudla, kusale. 44 Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.