Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 2

1 UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho. 2 Akakho ongcwele njeng oJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. 3 Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka , kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi ; izenzo zilinganiswa nguye. 4 Iminsalo ya maqhawe yaphuliwe , kepha abakhubekayo babhinciswa amandla. 5 Ababesuthile baqashelwa isinkwa; ababelambile sebeyekile ukulamba; yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyawuma. 6 UJehova uyabulala , abesephilisa; uyehlisela endaweni yaba fileyo, abesenyusa. 7 UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa. 8 Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo. 9 Uyakugcina izinyaw o zabathembekileyo bakhe , kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni , ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla. 10 Abalwa noJehov a bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo ; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba , anike inkosi yakhe amandla , aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe. 11 U-Elkana waya eRama endlini yakhe . Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi. Ububi bamadodana ka-Eli 12 Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova. 13 Kwakungumthetho wabap risti kubantu ukuba , nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila , iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu, 14 ihlabe ngayo emcengezini , noma esocweni , noma ebhodweni , noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. 15 Yebo, bengakashisi amanoni , yafika inceku yompristi , yathi kumuntu ohlabayo: Letha inyama yokoselwa umpristi , ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza. 16 Uma lowo muntu wathi kuye : Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala , besewuthatha njengokuthanda kwakho , yathi: Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla. 17 Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova , ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova. 18 USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni. 19 Futhi unina wamenzela ijazana , waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke. 20 U-Eli wabusisa u -Elkana nomkakhe , wathi: UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona . Base bebuyela ekhaya. 21 UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova. 22 U-Eli wayesemdala kakhulu , wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. 23 Wathi kuwo : Nenzelani izinto ezinjalo na ? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. 24 Hhayi, madodana ami , akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova. 25 Uma umuntu ona kumuntu , uNkulunkulu uyakumahlulela , kepha uma umuntu ona kuJehova , uyakulanyulelwa ngubani na ? Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala. 26 Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula , waba muhle kuJehova nakubantu. Izwi lokwahlulela indlu ka-Eli 27 Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku -Eli, wathi kuye : UJehova usho kanje , uthi: Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayih lo, beseseGibithe besendlini kaFaro. 28 Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli. 29 Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami , udumise amadodana akho phezu kwami , nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na? 30 Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli uthi: Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade . Kepha manje uJehova uthi : M akube kude nami , ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa. 31 Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho. 32 Uyakubona ukuhlupheka kwendlu yami kukho konke okuhle ayakwenzelwa khona u-Israyeli; akuyikubakho xhegu endlini yakho kuze kube phakade. 33 Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e -altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho ; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo. 34 Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili. 35 Ngiyakuzivusela ump risti othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami ; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. 36 Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelen gwane lesinkwa , bathi: Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.