Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 10

1 USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha , wawathela ekhanda lakhe , wamanga, wathi: Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na? 2 Nxa usumukile kimi namuhla , uyakufumana aban tu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa ; bayakuthi kuwe : Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe ; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: Ngiyakwenze njani ngomntanami na? 3 Nxa usukile khona uye phambili , uyakufika kulo i -oki laseThabori ; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini; 4 bayakukubingelela, bakunike izi nkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo. 5 Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini , uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu , nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha; 6 uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho , uyakuprofetha kanye nabo , uphenduke omunye umuntu. 7 Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe , wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe. 8 Uyakwehla phamb i kwami ukuya eGiligali ; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula ; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa , ngize ngifike kuwe , ngikutshele oyakukwenza. 9 Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli , uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye ; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku. 10 Lapho sebefike khona entabeni , bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye ; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo. 11 Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na? 12 Kwaphendula umuntu wakhona , wathi: Ngubani uyise na ? Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na? 13 Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo. 14 Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: Nike naya ngaphi na? Wathi: Besiye kufuna izimbongolo ; lapho sesibonile ukuthi azikho , sase siya kuSamuweli. 15 Uyisekazi kaSawule wathi: Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na? 16 USawule wathi kuyisekazi : Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe . Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona. Inkosi ibekwa eMispa 17 USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa; 18 wathi kubantu bakwa -Israyeli: UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli usho kanje, uthi: Ngenyusa u -Israyeli eGibithe , nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo; 19 kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu. 20 USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini. 21 Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo , kwadliwa umndeni wakwaMatri ; kwadliwa uSawule indodana kaKishi ; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga. 22 Babuye babuza uJehova ukuthi : Usezakufika lowo muntu na ? UJehova waphendula wathi: Bheka, ucashile empahleni. 23 Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu , wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu. 24 USamuweli wathi kubo bonke abantu : Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kub antu bonke. Base bekhamuluka abantu bonke , bathi: Mayime njalo inkosi. 25 USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso , wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova . USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo. 26 Naye uSawule w aya ekhaya lakhe eGibeya ; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile. 27 Kepha abantu ababi bathi : Uyakusisindisa kanjani lowo na ? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.