1 kwabaseKorinte Chapter 6
1
Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?
2
Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na ? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?
3
Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na ? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.
4
Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila , niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?
5
Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti : akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabaz alwane bakhe na?
6
Kodwa umzalwane umangalela umzalwane , nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?
7
Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa ? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
8
Kepha nina uq obo niyona , niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.
9
Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na ? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe , naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,
10
namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
11
Babenjalo abanye kini , kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Umzimba wethu uyithempeli likaNkulunkulu
12
Konke kuvunyelwe kimi , kepha akusizi konke . Konke kuvunyelwe kimi , kepha mina anginakubuswa lutho.
13
Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe , ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;
14
kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
15
Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na ? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
16
Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: Labo ababili bayakuba nyamanye.
17
Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.
18
Balekelani ubufebe . Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
19
Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20
Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu . Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.