Skip to Content

1 iziKronike Chapter 7

1 Amadodana ka -Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane. 2 Amadodana kaThola : ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no- Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise , abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo ; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha. 3 Amadodana ka -Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya : ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke. 4 Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa , abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi. 5 Abafowabo kuyo yonke imindeni ka -Isakare, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa , bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo. 6 Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu. 7 Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo. 8 Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri. 9 Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili. 10 Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no- Ahishahari. 11 Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa. 12 OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka -Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri. 13 Amadodana kaNafetali : ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha. 14 Amadodana kaManase : ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe ; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi. 15 UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi ; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi ; uSelofehadi wayenamadodakazi. 16 UMahakha umkaMakiri wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi ; amadodana akhe ayengo - Ulamu noRakemi. 17 Amadodana ka -Ulamu: nguBedani. Labo ba be ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase. 18 Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela. 19 Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu. 20 Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, 21 noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe , ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo. 22 U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza. 23 Wangena kumkakhe ; wamitha, wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uBeriya, ngokuba indlu yakhe yayisengozini. 24 Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera. 25 URefa wayeyindodana yakhe , noReshefi, noThela indodana yakhe , noThahani indodana yakhe, 26 noLadani indodana yakhe , no-Amihudi indodana yakhe , no-Elishama indodana yakhe, 27 noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe. 28 Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo , nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo; 29 nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo , neMegido nemizana yalo , neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli. 30 Amadodana ka -Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo. 31 Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti. 32 UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo. 33 Amadodana kaJafeleti : ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti. 34 Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu. 35 Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali. 36 Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra, 37 noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera. 38 Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara. 39 Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya. 40 Bonke labo babe ngabantwana baka -Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe akhethekileyo anamandla , izinhloko zezikhulu . Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.