Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 15

1 Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda. 2 Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha , indodakazi ka-Abisalomu. 3 Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 4 Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema, 5 ngokuba uDavide w enza okulungile emehlweni kaJehova , kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti. 6 Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. 7 Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu. 8 U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 9 Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu , inkosi yakwa -Israyeli, u- Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda. 10 Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu. 11 U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise. 12 Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise. 13 Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini , ngokuba wayenzela u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 14 Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; nokho inhliziyo ka -Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. 15 Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha. 16 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka -Asa noBahasha inkosi yakwa -Israyeli zonke izinsuku zabo. 17 UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda. 18 U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , wakunikela ezandleni zezinceku zakhe ; inkosi u -Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni , inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi: 19 Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi. 20 UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali. 21 Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa. 22 Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda , akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa. 23 Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe. 24 Wayeselala u -Asa koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide uy ise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. ONadabi noBahasha babusa kwa-Israyeli 25 UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wesibili ka -Asa inkosi yakwaJuda , wabusa phezu kuka -Israyeli iminyaka emibili. 26 Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. 27 UBahasha indodana ka -Ahiya wendlu ka -Isakare wamenzela ugobe ; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti , ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni. 28 Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBa hasha wambulala , wabusa esikhundleni sakhe. 29 Kwathi eseyinkosi , wabulala yonke indlu kaJerobowamu , kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo, 30 ngenxa yezono z ikaJerobowamu ona ngazo , futhi onisa ngazo u -Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 31 Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 32 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka -Asa noBahasha inkosi yakwa -Israyeli zonke izinsuku zabo. 33 Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka - Ahiya waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli wonke eTirisa , wabusa iminyaka engamashumi amabili nane. 34 Wenza okubi emehlweni kaJehova , wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.