Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo , yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo , nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe ; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.