Skip to Content

"wafafaza"

8 occurrences in ZUL

UMose wathatha inxenye yegazi , wayithela ezitsheni ; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.

UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi. UMose ukhuphukela eSinayi

Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa , waligcoba i -altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

Wayeseletha amadodana ka -Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

UMose wayesethatha amafutha okugcoba , negazi elalise -altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe , wangcwelisa u -Aroni nezambatho zakhe , namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi , wafafaza ngalo i-altare nxazonke.

Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke,