Skip to Content

"udelila"

6 occurrences in ZUL

USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila

UDelila wathi kuSamsoni : Ake ungitshele ukuthi amandla akho amakhulu aphi nokuthi ungaboshwa ngani, unqotshwe.

Wayesethi uDelila kuSamsoni : Bheka, udlale ngami , wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.

UDelila wayesethatha amagoda amasha , wambopha ngawo , wathi kuye : AmaFilisti aphezu kwakho , Samsoni. Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.

UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube manje udlale ngami , wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani . Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.

UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe ; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti , wathi: Yenyukani kalokhu , ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe . Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti , aletha imali esandleni sawo.