Skip to Content

"ubalaki"

24 occurrences in ZUL

UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u -Israyeli kuwo ama - Amori.

UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

UBileyamu wathi kuNkulunkulu: UBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi:

UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala.

Zafika kuBileyamu, zathi kuye: Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi,

UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.

UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza , waphuma ukumhlangabeza e -Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.

UBalaki wathi kuBileyamu: Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?

UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye.

Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu , wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile ; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.

Wayesethatha isisho sakhe , wathi: E-Aramu uBalaki ungilandile , inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga : woza ungiqalekisele uJakobe ; woza umdlelesele u-Israyeli.

UBalaki wathumela kuBileyamu , wathi: Wenzeni kimi na ? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa.

UBalaki wayesethi kuye : Ake uze nami , siye kwenye indawo , lapho ungababona khona ; uyakubona inxenye yabo kuphela , ungaboni bonke ; ungiqalekisele bona uselapho.

Wayesefika kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa , izikhulu zakwaMowabi zinaye . UBalaki wathi kuye : UJehova ukhulume ngokuthini na?

UBalaki wayesethi kuBileyamu : Ungabaqalekisi nokubaqalekisa, futhi ungababusisi nokubabusisa.

Wathi uBalaki kuBileyamu : Ake uze , ngikuyise kwenye indawo ; mhlawumbe kungaba kuhl e emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.

UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane.

UBalaki wenza -ke njengalokho eshilo uBileyamu ; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu , washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu : Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami ; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide , anginakulidlula izwi likaJ ehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma, na?

UBileyamu wayesesuka , wahamba, wabuyela endaweni yakhe ; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, walwa no- Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise,

Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngaw e, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa -Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.