Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.
Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo ; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.
Zinqume izitha zami ngomusa wakho , ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.