usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe , lapho uJehova wathi kimi: Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.
UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.
Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.