Wathi uLabani : Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla. Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,
Wathi uLabani kuJakobe : Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe,
le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.