Skip to Content

"madodakazi"

15 occurrences in ZUL

ULabani waphendula, wathi kuJakobe: Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami , imihlambi iyimihlambi yami ; konke okubonayo kungokwami ; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ukuba ningalunyakazisi , ningaluvusi uthando, lungakavumi. Abangane:

Wayesethi uNawomi : Buyani, madodakazi ami ; nohambelani nam i na ? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?

Buyani, madodakazi ami , nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba , noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,

beningawahlalela aze abe n gakhulileyo na ? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.

Nina madodakazi akwa -Israyeli, mkhaleleni uSawul e owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando. Abangane:

Umlomo wakhe umnandi , uyanxaneleka wonke ; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.

Ngimnyama, kepha ngimuhle , madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Isihlabelelo sothando somakoti

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Udwendwe lomthimba

Phumani nina madodakazi aseJerusalema , nibone inkosi uSolomoni , inomqhele eyawuqheliswa ngunin a ngosuku lokugcagca kway o nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.

Vukani nina besifazane abazinzileyo , nizwe izwi lami ; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

Hhewula, Heshiboni, ngokuba i -Ayi lichithekile , nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka , nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni , abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

Kepha uJesu ephendukela kubo wa thi: Madodakazi aseJerusalema , ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.