kubo abagcina isivumelwano sakh e bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.
Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.
Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.
Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.
Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.
Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho.
Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho , ngokuba ungiphilisile ngazo.
Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.
Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho.
Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.
Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho , ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.