"imicibisholo"
30 occurrences in ZUL
Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi , inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa , kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi : Hamba ufune imicibisholo . Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.
Kepha uma ngithi kanje kumfana: Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho, hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.
Wathi kumfana wakhe : Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo . Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.
UJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Shesha, ukhawuleze, ungemi. Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.
Wayesethi: Thatha imicibisholo . Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa - Israyeli: Shaya emhlabathini. Yashaya kathathu, yayeka.
Babehlomile iminsalo , besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo ; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini , kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni , ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu , livela ezweni lasenyakatho , lizihlelele lona , linqotshwe lapho ; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.
Zihleleleni iBabele nxazonk e nina nonke eninsala umnsalo , nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.
Lolani imicibisholo , nibambe izihlangu . UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe , ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.
Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phe zu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa,
Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule ; ixhakazisa imicibisholo , ibuza amatherafi , ibheka esibindini.
ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.